Kungani sithengisa ukukhangisa,
hhayi imiphumela yosesho.

Emhlabeni lapho yonke into ibonakala ithengiswa, kungani abakhangisi bangakwazi ukuthenga izindawo ezingcono kumiphumela yethu yosesho?

Impendulo ilula. Sikholwa ukuthi kufanele ukwazi ukwethemba okuthilayo usebenzisa i-Google. Kusukela ekuqaleni, indlela yethu yokusesha bokuwukunikeza izimpendulo ezihambisana kakhulu nemiphumela kubasebenzisi bethu.

Imiphumela yosesho ye-Google ibhekisisa kahle ukuthi iziphi izixhumanisi eziya ekhasini lewebhu futhi ibonise okuqukethwe okuhlobene kulelo khasi kuya kusesho lwakho. Imiphumela yethu ibonisa ukuthi ukuthi yini umphakathi oku-inthanethi ekholwa ukuthi kubalulekile, hhayi ukuthi thima noma ozakwethu bacabanga ini ongakubona.

Futhi ngenkathi sikholwa ukuthi izikhangiso ezihlobene zingabaluleka njengemiphumela yosesho evamile, asifuni othile ukuthi ahlangahlangane mayelana nokuthi yini ini.

Sonke isikhangiso ku-Google simakwe kahle futhi sisetha ingxenye kusuka kumiphumela yosesho evamile. Ngenkathi abakhangisi bangakwazi ukukhokhela okuningi ukuthi kuboniswe endaweni eboniswa kakhulu yokukhangisa, akekho noyedwa ongathenga ukubeka okungcono kumiphumela yosesho ngokwabo. Ngokungeziwe, izikhangiso ziboniswa kuphela uma ihlobene kumatemu yosesho agakiwe. Lokho kusho ukuthi ubona kuphela izikhangiso ezibalulekile.

Amanye amasevisi waku-inthanethi akakholwa ukuthi umehluko phakathi kwemiphumela yosesho nokukhangisa ukuthi kubalulekile.

Siyakholwa.